Minutes


AMAMINITHI OMHLANGANO WOMKHANDLU WESIYINGI SASE DURBAN NORTH SOMBUTHO KABERNARD MIZEKI ONGCWELE

1. Ukuvula: Umhlangano wavulwa ngomkhuleko owenziwa ubaba uMakhakhe. Usihlalo wabonga amadodana aphumelelayo kulomhlangano.

2. Izixoliso: Kwabikwa ngokungaphumeleli kukababa uMosiah nobaba uMthembu, abanye ababikwa ngamalunga ayehambele lomhlangano uNobhala wathatha ngokuthi awaxolisanga ngoba kwabekwa kwacaca ukuthi izixoliso zisiwa kuNobhala ukuze ezozethula zonke kanyekanye.

3. Amaminithi omhlangano owedlula: UNobhala wawafunda amaminithi omhlangano owedlula, avunywa ubaba uMolefe waseKuvukeni wasekelwa ubaba u Majola waseSt john’s ngaleyondlela amukelwa umhlangano .

4. Okuvuka emaminithini : (i) Ukuphela kobulunga-ubaba uMolefe wabuza ukuthi kumele enziwe njani umuntu ongasazihlanganisi namadodana-kwathiwa lolo ludaba luzosiwa emkhandlwini weDayosisi

                                                 (ii) Ukungahambeli imihlangano-ubaba uMakhakhe waphakamisa ukuthi ake kunakwe isihlava sokungayihambeli imihlangano ajike angaxolisi nakuxolisa-kwavunyelwana ngokuthi kuzomele kuqhanyukwe namaqhinga

5. Umbiko kaNobhala: UNobhala wafunda umbiko wonyaka owawuqukethe konke osekwenziwe yilesisiyingi-washayelwa ihlombe ngoba kubonakala ukuthi impela kusetshenziwe-wabe esechaza nangohlelo lwamakhalenda azokhandwa adayiswe ukuze kuzokhushulwa imali yesikhwama sesiyingi-kwashywa elikhulu ihlombe ngomcabango omuhle.

6. izimali: Ubaba utreasurer wabe esechaza ngemali ekhona (R4 761,19). Utreasure ucele ukuthi akhishwe ubaba uZuma (usihlalo omdala) ezimalini njengoba namanje esalokhu enegunya lokusayina izimali kanti nasepherishini yaseKuvukeni uyasayina njengalokhu engusikhwama wakhona. Lokhu ngokusho kuka treasurer kumdalela izinkinga ebhange-ngakho umhlangano wanqumq ukuthi yize bekufanele kufakwe uNobhala njengomunye wabasayinayo (usihlalo, utreasurer kanye noNobhala), kodwa ngenxa yokuthi uNobhala uqhelelene kakhulu ngokuhlala noskhwama kanye nosihlalo kulungile ukuthi ubaba uMnyandu ( umqeqeshi wombutho) kube nguyena ozofakwa njengozosayina ngoba uvelel useduze kwabo futhi unazo nezinyawo ezilula njengoba igatsha lebhange lise White House nje.

Wabe esecela-ke usikhwama  wombutho ukuthi akubhalwe incwadi ezokwazisa ibhange ukuthi amasignitories aseshintshiwe, uNobhala wathembisa ukuthi uzoyibhala ebese eyithumelela nge e-mail  ubaba uZuma, yena kanye lona osekhishwa ezimalini, yena ke uyobe eseyibeka ezandleni zika skhwama.

7. Ukungakhuthali kwentsha embuthweni: Kwabonakala ukuthi kukhona inking yokuthi amadodana ayajoyina abuye aphelele obala, pho kuzokwenziwa njani? Impendulo yathi akucelwe ubaba uMthombeni (wakwaNkosi Yokuthula) omdala ukuba alekelelane nobaba umqeqeshi ukuze bezogqugquzela intsha ukuba ingasheshi ukulahla izintolibhantshi-ngothando naye ubaba uMthombeniwazinikela-kwaphinde kwaphakanyiswa umbono owemukelwa ngo elethu wokuthi kusungulwe ikwaya yombutho kuleRegion ukuze intsha izophonseleka inselelo.

8. Ukuvala: Ubaba uMnyandu wavala umhlangano ngokubonga ukubambisana okuhle akubone kule executive. Watusa wonke amalunga, wathi uma esechaza ngoNobhala kwangathi useyasampula wathi impela akakaze ambone uNobhala ohlakaniphe kanje.

Kwabe sekuvalwa ngomkhuleko.                                                                                  

 

 

1 comment:

  1. Wangisiza ... Our teacher gave us a homework out of the blue saying we must write minutes of the metting, I didn't know where to START but this Post helped me Big Time... Thanks again

    ReplyDelete